UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena uhambe nendondo yomqeqeshi wonyaka kwathi uRonwen Williams ongunozinti waleli qembu wakhala wamuka nekanozinti ovelele kuma-Council of Southern Africa Football Associations (Cosafa) Awards abebanjelwe eSandton Convention Centre, eGoli, izolo ebusuku.
Le miklomelo obekungeyokuqala ibanjwa bekuhloswe ngayo ukubungaza abadlali, abaqeqeshi no-nompempe abenze kahle nyakenye.
Emiklomelweni ebibhekwe kakhulu kubalwa owomqeqeshi wonyaka kwabesilisa nakwabesifazane, umdlali wesilisa nowesifazane wonyaka, unozinti wonyaka kwabesilisa nabesifazane.
UMokwena ekhuluma ngesikhathi emukela indondo, uncome abadlali bakhe.
"Lendondo eyabo bonke abadlali bami, iqembu eliyisimanga elihlezi lizuza. Ngabe angikho lapha ngaphandle kwabo. Ngibonga iqembu lami iMamelodi Sundowns ngokungeseka elinginika khona," kusho uMokwena.
Ngaphandle kukaMokwena, iSundowns iwole imiklomelo ebalulekile okukhona kuwona okanozinti ovelele kwabesilisa nabesifazane edliwe nguRonwen Williams no-Andile Dlamini ngokwehlukana.
UWilliams yena ubalule ukuthi okwenziwe yiCosafa kubalulekile kakhulu, ubonga uyanconcoza.
"Ngiyabonga kuCosafa. Lokhu kuhlonishwa kusho lukhulu. Ngiyabonga kozakwethu kanye nakuwo wonke umuntu eqenjini leSundowns, ikakhukukazi abaqeqeshi bami abahlezi bengiphusha," kusho uWilliams.
Isiyonke imiklomelo ihambe kanje:
Men’s player of the year: Percy Tau (South Africa)
Women’s player of the year: Racheal Kundananji (Zambia)
Men’s coach of the year: Rulani Mokwena (Mamelodi Sundowns)
Women’s coach of the year: Dr Desiree Ellis (South Africa)
Men’s goalkeeper of the year: Ronwen Williams (Mamelodi Sundowns & South Africa)
Women’s goalkeeper of the year: Andile Dlamini (Mamelodi Sundowns Ladies & South Africa)
Men’s most promising player: Thapelo Maseko (Mamelodi Sundowns & South Africa)
Women’s most promising player: Leticia Chinyamula (Ascent Academy & Malawi)
COSAFA best male referee: Jerson Dos Santos (Angola)
COSAFA best female referee: Diana Chikotesha (Zambia)
COSAFA most promising referee: Tsiaro Randriambololoma (Madagascar)
COSAFA referee legend: Victor Gomes (South Africa)
Lifetime achievement for services as a player: Janine Van Wyk
Lifetime achievement in services to refereeing: Felix Tangawarima
Lifetime achievement in services to women’s football: Fran Hilton-Smith
Lifetime achievement in services to coaching: Sunday Chidzambwa
Lifetime achievement in services to the media: Mark Gleeson